(1) Our "Five Pots Policy" (English)
We will be matured and ripe when we graduate from the last
one; the 5th pot. We ought to press on until we enter and graduate from all those pots in order to have a perfect and holy
worship. Below are those five pots:
We are called not to remain on the first pot but to move on
to sanctification. There must be no one left behind. We should buckle up! Those who are responsible for our branches will
teach and inculcate this superculture. Even our sermons should touch on these important issues.
(1) Amabhodwe ayisihlanu (Zulu)
Siyobe sesivuthiwe lapho sophulwa kwelokugcina; elesihlanu.
Masiphokophele ukungena nokwedlula kuwo wonke size sipheleliselwe ukukhonza kwethu okuNgcwele. Nawa-ke ngezantsi lawamabhodwe:
Sibizelwe ukuba singemi impela ekusindisweni kodwa sedlulele
ekucwetshisweni. Makangabikho osilelayo; masibhukule sonke sibophe izinkalo zethu. Abaphethe amagatsha bayofundisa kakhulu
bagxile kulezizifundo. Ngisho nezintshumayelo zethu maziliphathe lonke iphunga lalokhu.
(2) Unisex-
English
We live in such times as these. The morally right way of behaviour
is perishing day by day. Even the brethren; the body of Christ has lost its position in dealing with this matter. They want
to learn from the world. To be exact, the world is creeping into the church indeed. Brethren, we live in the world but the
world should not be found in us. Our calling has something unique with regard to behavioral practices and in particular
the way we dress. We must hold on to what we stand on and we must not be carried away by wind as if we are chaff. Men should
be men, and likewise women should be women. The men and women get together intimately in holy marriage only. All else
is against our direction.
-
The holy nation must seperate herself from such things
-
On that note, we even do not ignore issues of "holy clothing."
We do not embrace the wearing of trousers, no matter what kind,
by our females if there is no covering skirt over it. On the other hand, we do not embrace the wearing of skirts (including
make-up, wearing of earrings, etc.) by our males. By the same token, we are AGAINST EVERY SORT OF BEHAVOUR THAT IS ASSOCIATED
WITH SUCH THINGS.
Romans 1:24-27; Romans 1:28-32
(2) Ubulili obungenandaba- Zulu
Siphila esikhathini esinjena. Indlela yokuziphatha iya ilahleka
imihla ngemihla. Abazalwane nabo; ibandla likaKristu lilahlekelwa ngumqondo walokho elifanele ukukwenza. Lifuna ukufunda ezweni.
Izwe liyangena impela ebandleni. Bazalwane! Siphila ezweni kodwa alifunakali kithi. INkonzo yethu inokuthile okubalulekile
mayelana nokuziphatha ikakhulu kwezokwembatha. Masibambelele kwesimi kukho singayaluziswa ngumoya njengamakhoba. Abesilisa
mababe ngabesilisa kuphela. Abesifazane babe ngabesifazane kuphela. Abesilisa nabesifazane bahlangana eduze kuphela emshadweni
ongcwele. Okunye siyakuchitha.
Thina kasikwemukeli
ukugqokwa kwamabhulukwe anoma yiluphi uhlobo ngabesifazane bethu uma bengaweleki ngelokwe ngaphezulu. Ngokunjalo futhi kasikwemukeli
ke nje nakancane ukugqokwa kwamalokwe neziketi (kanye nokupenda izinzipho, namacici nokunye okufana nalokho) ngabesilisa
bethu. Ngalokhu SIMELENE NANOKUZIPHATHA OKUHAMBISANA NALEZOZIMO. Romans 1:24-27; Romans
1:28-32